UNTULI UKHALE NGOKUNGATHENJWA KOSOPOLITIKI


Lindokuhle Ngcobo 

KWENZEKE okungajwayelekile uNdunankulu waKwaZulu-Natal(KZN) uMnuz Thamsanqa Ntuli, edalula ukuthi umphakathi awusabathembi osopolitiki.

UNtuli ubekhuluma emcimbini wokwethula ngokusemthethweni Amakhosi angu 288, anikezwe izigxivizo nezitifiketi zokuba ngoKhomishana bezifungo namuhla, e-Archie Gumede Conference Centre, eMayville. 

Uthi lesi sigaba esithathwa uhulumeni waseKZN sikhuthaza ukusondelana phakathi kukahulumeni nobuholi boMdabu.  Waveza ukuthi izinhlaka zoBukhosi izona ezisondelene kakhulu nabantu  kanjalo nezithenjwa ngabantu.

"Ngiyake ngikhale nje ngithi ewu, umuntu waba ngusopolitiki kanti uma ukhuluma kubantu ungusopolitiki bavele bethi awu kanti inganekwane ngoba asithenjwa thina. Osopolitiki sebone kakhulu, ngisho ukhuluma indaba kuvele kuthiwa ngeke simthembe. Manje nathi singosopolitiki sithemba kakhulu Amakhosi," kuchaza uNtuli.

Lo mcimbi ubuhanjelwe Amakhosi aseNdlunkulu, iPhini leMeya kaMasipala weTheku uKhansela Zandile Myeni noKhomishana wamaPhoyisa eKZN uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi.