UNTULI UDALULE UKUTHI UHULUMENI OWAQALA UKUTHI ABAHAMBE


SIZWE BLOSE 

Undunankulu waKwaZulu-Natal uThami Ntuli uzishaya isifuba ngokuthi uhulumeni wakhe owaqala umkhankaso wokuthi abahambe.

Uveze lokhu emhlanganweni ohlanganisa amakhosi, abenkolo kanjalo nabaholi bomphakathi obanjelwe eMayville emahhovisi akwa Public Works.

UNtuli uthe njengoba sekuyinto esematheni ukuthi abahambe,  bona kudala bayiveza lento.
Uphinde wathi ngesikhathi ehlohlwa ngemibuzo abezindaba, bebuza ukuthi engabe lesi sifundazwe siyacwasa yini, waphendula wathi ayikho leyonto. "Sengihlalile namalungu ezinhlangano zomphakathi, naye wazitholela ukuthi azicwasi kodwa ezikuvezayo izinkinga ezibhekene nomphakathi," kuchaza uNtuli.

Uthe ngomhlaka 25 Juni kuzoba khona iProvincial Summit okungeke kube umhlangano nje kodwa uzothela izithelo.