"UNKABINDE UYIXOKI"
SIZO BLOSE
U-Albert Mncwango we-IFP usevele wabiza iChief of Staff yamaphoyisa uCedric Nkabinde ngexoki. Lokhu ukuveze kwi Ad Hoc Committee ephalamende, lapho kuvele khona uNgqongqoshe wamaPhoyisa osamisiwe uSenzo Mchunu.
Leli komiti liphenya ngenkohlakalo eyenzeka emaphoyiseni.
UMncwango uqhamuke nemibuzo ejulile abeyibhekise kuMchunu.
Ekugcineni uthe, "Macingwane wena bewudila nexoki. Ixoki umuntu othutha izindaba ngapha aziyise ngale. UCedric Nkabinde uthathe izindaba abezikhuluma noMkhwanazi, waziyisa kuMchunu kanjalo nabezikhuluma noMchunu waziyisa kuMkhwanazi," kuphetha uMncwango.