UNGQONGQOSHE UZOVAKASHELA E-ADDINGTON PRIMARY SCHOOL
Lindokuhle Ngcobo
KUBHEKWE ukuthi uqhamuke nomhlahlandlela umhlangano kaNgqongqoshe wezeMfundo yamaZinga aphansi KwaZulu-Natal(KZN) uMnuz Sipho Hlomuka nabaphathi besikole saseThekwini, i-Addington Primary School.
Lo mhlangano kulindeleke ukuthi ubekusasa, ngoLwesine ngaphakathi e-Addington Primary School. Kunxuswa abazali bezingane ezingaphakathi esikoleni kodwa ezingabhalisile ukuba bahambele lo mhlangano.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo eKZN uMnuz Mlu Mtshali, utshele abezindaba ebebenkanise ngaphandle kwalesi sikole namuhla, ukuthi sizophuma kusasa isinqumo mayelana nabafundi abangabhalisile ngokusemthethweni.
"Ngingakuqinisenisa ukuthi abafundi abangu 21, ababhaliswe esikoleni, bagcinwe egumbini labo bodwa ngaphakathi esikoleni. Laba bafundi baphephile, kunothisha ababili ababaqaphile. UNgqongqoshe uHlomuka uzohlangana nabaphathi besikole, ukuze kuthathwe isinqumo mayelana nalaba bafundi. Sicela abazali bafike bezothamela umhlangano. Ingane ilethwa umzali esikoleni, afike ayibhalisi, ingakho sicela abazali bezingane ukuthi bafike emhlanganweni," kubeka uMtshali.
Lokhu kwenzeka nje, inhlangano iMarch and March eholwa uJacinta Ngobese Zuma, ayizibekile phansi ibhikishela izikhala zabafundi bakuleli, kulesi sikole.