UNGQONGQOSHE UTHI ABALINDE ABABEKWE ISILO


KULINDELEKE ukuthi kubenozinzo endaweni yaseMpukunyoni, eMtubatuba. 

Emva kokuthi namuhla kubeneMbizo yokucacisa ngobuholi boMdabu baseDukuduku KwaNdonyana Sports Field, eDukuduku yokucacisa ngobuholi bomdabu. Kulandela umsindo, osuke  ngemuva kokuthi iSilo Misuzulu kaZwelithi sibeke uMnuz Mandla Ncube njengozoba yiso le ndawo yakwaDukuduku kuze koshaya ngasolwandle eSt Lucia ngenyanga edlule.

Lokhu kwenze  abakwaMkhwanazi bakhushukelwa imimoya njengoba le ndawo iphethwe Inkosi Ntokozo Mkhwanazi.

Ekhuluma kule Mbizo uNgqongqoshe wezokuBusa ngokBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal(KZN) uMfu Thulasizwe Buthelezi uthe makuphele ukudideka ngoba iSilo sabeka Inkosi yakwaMkhwanazi ngokuphelele esihlalweni soBukhosi . Uthi zonke izigodi zaseMtuba zilawulwa Inkosi yakwaMkhwanazi, akekho omunye umuntu ongabeka Izinduna ngaphandle kweNkosi. 

"Abantu abasuke bethunywe iSilo abafunde ukulinda bacijwe kahle. Bangayi emphakathini benza into abangathunywanga khona. Bangayi emphakathini bazibize ngento abangasiyo ngoba lokho kuphambene nenqubomgomo yakithi kaZulu nomthetho wezwe laseNingizimu Afrika," kuchaza uButhelezi.

Le Mbizo ibihanjelwe uSihlalo weNdlu yamakhosi eKZN Inkosi Sifiso Shinga, Inkosi yakwaMkhwanazi eMtubatuba, uBukhosi bakwaMkhwanazi KwaDlangezwa, uBukhosi bakwaMkhwanazi esifundazweni iMpumalanga, Abantwana baseNdlunkulu kaZulu, Izinduna zeNkosi, Amabutho esizwe sakwaMkhwanazi noKhomishana wamaPhoyisa eKZN uLt General Nhlanhla Mkhwanazi.