UNGQONGQOSHE USOLA INHLESE YEZEPOLITIKI KOLWASE ADDINGTON


Lindokuhle Ngcobo 

USOLA inhlese yezombusazwe uNgqongqoshe wezeMfundo yamaZinga aphansi KwaZulu-Natal(KZN) uMnuz Sipho Hlomuka, ngombhikisho wezikhala zokufunda esikoleni i-Addington Primary School,  eThekwini. 

 Lo mbhikisho wenhlangano iMarch and March, eholwa uNkk Jacinta Ngobese Zuma, ngokuhlanganyela namalunga eMK Party nenhlangano i-Operation Dudula.

Ekhuluma nabezindaba uHlomuka, unxuse abazali abasafunela izingane zabo izikhala zokufunda, ukuba bayobika emahhovisi esifunda.

"Akumele abazali bezobhikisha ngaphandle kwesikole. Lento eyenzeka ngaphandle iphazamisa ukufunda nokufundisa futhi kuhlobene nezombusazwe. Awukwazi ukuthatha ingane okumele iyoqala ibanga lesi 7, wema uyithathe ubuyisele ebangeni lesi 7. Abantu bengaqhubi ipolitiki endaweni yokufundisa izingane, abanye kwamanye amaqembu ezepolitiki bayoqhuba khona ipolitiki yabo," kubeka uHlomuka. 

Eqhuba uHlomuka, udalule ukuthi lesi sikole sesigcwele. Njengoba sinabafundi abangu 1548, kubo bangaphezulu kuka 960, abakuleli kuthi abangaphansi kuka 590, bavela ngaphandle kwakuleli.

 UMnyango uphinde waveza ukuthi, kukhona abafundi abangu 11, abangabhalisiwe ngokusemthethweni eMnyangweni wezasekhaya, kubo kubalwa abangu 5,  abangaphandle kwakuleli nabangu 6 bakuleli. Kubafundi abangu 26, abalethwe abazali namuhla, kubo kukhona abangu 11 bebanga R, abangeke besakwazi ukuthathwa kulesi sikole. UMnyango uqinisekise ukuthi labo bafundi bazobhaliswa esikoleni esiseduzane. 

UNgobese Zuma, uzichithile izinsolo zikaHlomuka, zokuthi ukubhikisha ngaphandle kwalesi sikole kuhlangene nezombusazwe. Wathi sekuzobanzima ukuhlalisana phakathi kwabantu bakuleli, nabantu bangaphandle. 

"Lo hulumeni wethu awuyeke ukusijwayeza nabantu bokufika, iSouth Africa izwe lethu. Uma befuna sibakhombise lokho, sizobakhombisa. Enye into, njengoba ekhuluma ngepolitiki, siyazi ukuthi ibona abanalento yokufaka laba bantu. Balokhu bebanikeza izincwadi khona bezobavotela ngoba bayazi ukuthi abantu badiniwe, abasafuni ukuba votela," kuchaza uNkk Ngobese-Zuma.