UNGQONGQOSHE UNGENELELA KOLUKA TONGAAT HULLET


Umnyango wakwaTrade and Industry ngaphansi kukaNgqongqoshe Parks Tau, sewuphumele obala ngodaba lokuvalwa kweTongaat Hullet.

Emasontweni amabili edlule kumenyezelwe ukuthi lenkampani eqashe inqwaba yabantu eKZN izovalwa ngeenxa yezinkinga ebhekene nazo, ezihlanganisa nemali yokukhokhela abasebenzi.

Seyike yabhonga neNdlulamithi, iSilo uMisuzulu kaZwelithini ngalolu daba. Ithe ayihambisani nokuvalwa kwalenkampani. Kanti neRoyal Chancellor, Inkosi uMalusi Zondi naye uphawulile wathi, bazokwenza konke okusemandleni ukusinqanda lesi simo ngoba singaba nomphumela ongemuhle.
Umnyango  kahulumeni ulibeke ngaphandle kokunanaza elokuthi nawo awuhambisani nokwenziwa ilenkampani.