UNGQONGQOSHE UKHUTHAZE ABANTU UKUTHI BAYE KOBUKA OMKHAYA BASE KZN


UNgqongqoshe wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal (KZN) uMnuz Mntomuhle Khawula, ukhuthaze abathandi bebhola baseKZN ukuthi bagcwalise izinkundla zemidlalo ukuzokweseka amaqembu abo kule sizini ezoqala, ka-2026/2027.

Ukhulume kanje namhlanje eLangeni Hotel, eThekwini, ngesikhathi kuthulwa ngokusemthethweni imidlalo ye-KZN Premier's Cup.

Kulo mqhudelwano kuzobhekana amaqembu ayisithupha aseKZN.
 Amahlanu asuka kwiBetway Premiership: Durban City FC, AmaZulu FC, Lamontville Golden Arrows FC, Richards Bay FC neMilford FC.
 Kubuye kube khona iMidlands Wanderers FC edlala kuMotsepe Championship. Imidlalo izoqala ngoMgqibelo neSonto, mhlaka 25 no-26 Julayi 2026.

UKhawula uthe sekuyisikhathi sokuthi abantu baseKZN baphendukele emaqenjini abo.

"Abantu bakithi bagcwalisa izinkundla uma kudlala amaqembu angaphandle kweKZN. Uma kudlala iSoweto Derby, i-Orlando Pirates FC neKaizer Chiefs, kuphuma amatekisi amaningi eKZN eya eGoli, eGauteng. Bathi ngaphezu kuka-60% ababukele iSoweto Derby bangabaseKZN kodwa uma kudlala iqembu AmaZulu neMilford eMoses Mabhida Stadium, awekho amatekisi asuka eGauteng eza lana. Kumele siyishintshe lento. Asikwazi ukuthuthukisa esinye isifundazwe siyeke esakithi,” kusho uKhawula.

UNdunankulu waseKZN, uMnuz Thamsanqa Ntuli, naye usekele lo mkhankaso oshiwo uKhawula.

“Sinamaqembu amaningi kwi-PSL. Njengohulumeni kumele sikhuthaze abantu ukuba baye ezinkundleni ukuzokweseka amaqembu akithi,” kusho uNtuli.


NgoMgqibelo, 25 July - Princess Magogo Stadium, KwaMashu
• 10h00: Playoff 1 - Lamontville Golden Arrows FC vs Milford FC
• 13h00: Playoff 2 - Durban City FC vs Richards Bay FC
• 16h00: Semi-Final - AmaZulu FC vs Midlands Wanderers FC

NgeSonto, 26 July - Sugar Ray Xulu Stadium, Clermont
• 10h00: kuzobhekana abanqobe kowama-Playoff
• 14h00: Owamanqamu