UNGQONGQOSHE UGXEKA UHLELO LWAMALOLI AMANZI


LINDOKUHLE NGCOBO 

Ligxeka uhlelo lokuhanjiswa kwamanzi emphakathini ngamaloli (water tankers) iPhini likaNgqongqoshe
weZamanzi neNhlanzeko Kuzwelonke, uMnuz David Mahlobo,
wadalula ukuthi lugcwele inkohlakalo.

UMahlobo uveze lokhu namhlanje ngesikhathi kuyohlolwa umsebenzi omkhulu wokushintshwa kwepayipi lamanzi, iSouthern Aqueduct, endaweni yaseShallcross, eThekwini.

Ekhuluma nabezindaba, uMahlobo unxuse umphakathi osizakala ngamaloli amanzi omkhandlu ukuba ube nokubekezela ngenkathi kusalungiswa ingqalasizinda. Waveza nokuthi kunabantu abacekela phansi lo mkhakha ngamabomu.

"Uhlelo lolu lunokuganga ngaphakathi ngenxa yabantu abantshontsha amanzi, baphinde babulale nengqalasizinda ukuze kuzuze amabhizinisi ezimoto ezilanda amanzi. Sithathe isinqumo sokuthi omasipala bazithengele ezabo izimoto zamanzi ukuze kube ngezikamasipala. Emva kwalokho, kumele kuxhunyanwe nomphakathi ukuthi zizofika nini ngasiphi isikhathi, ukuze kubonakale ukuthi lolu hlelo alusetshenziswa ngendlela engafanele," kuchaza uMahlobo.

Kulo mkhankaso wokuhlola umsebenzi, uMahlobo ubehambisana nethimba lobuholi baseThekwini elihlanganisa uMeya waseThekwini uKhansela Cyril Xaba, uKhansela Mdu Nkosi uyiLungu leKomiti eliPhezulu elibhekele ezamanzi neziNhlanzeko eThekwini,
uMnuz Ednick Msweli onguMphathi weZamanzi neZinhlanzeko eThekwini.