UNGQONGQOSHE UGCIZELELE EKUTHENI INTUTHUKO AYIKHETHI MABALA



STHEMBISO SHANGASE

 Ungqongqoshe wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natali uMnuz Mntomuhle Khawula uyalele osonkontileka abazokwakha iMpolweni Sport Complex eMshwathi ngaphansi koMgungundlovu ukuthi bangalinge bavume ukudizela abantu ngemali, bengasebenzanga.

OkaKhawula ubekhuluma ngesikhathi ethula omakhi abazokwakha kabusha iMpolweni Sports Complex ezodla izigidi ezingaphezu kweshumi nantathu eMpolweni ngaseMgugundlovu maphakathi nesifundazwe iKwaZulu-Natali.

Ukwakhiwa kwalenkundla kulindeleke ukuthi kube sekuqediwe ngo August wonyaka ozothwasa.

UNgqongqoshe uKhawula uphinde wagcizelela ukuthi intuthuko ayikhethi mabala...