UNGQONGQOSHE UCHAZE ININGIZIMU AFRIKA NJENGEZWE ELITHUTHUKAYO


LINDOKUHLE NGCOBO          

 IPHINI likaNgqongqoshe ehhovisi likaMengameli,  elibheke ukuHlela, ukuBhekwa nokuHlola uMnuz Seiso Mohai uthi iNingizimu Afrika iyizwe elithuthukayo, ngakho kubalulekile ukuthi lihlezi linezinhlelo eziyisa izwe phambili. UMohai usho lokhu emcimbini iGIMS KZN Roadshow, ebanjwelwe e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre, eThekwini namuhla.

Lo mcimbi uhlanganisa abaholi bakahulumeni, ongoti bezobuchwepheshe nabathintekayo ngenhloso yokuhlanganiswa kolwazi lwezindawo.

Echaza kabanzi ngalolu hlelo (GIMS) uMohai uthi luzosiza uhulumeni ukuthi abone ngeso lengqondo izindawo ezidinga usizo oluphuthumayo, ezifana nokwakhiwa kwemigwaqo, izindlu noma amanzi.

"Isebenzisa imininingwane yezindawo ukuhambisa izinsiza ezindaweni ezazishiywe ngaphandle ngesikhathi sobandlululo. Iqoqa imininingwane ngobuchwepheshe besine bezinguqulo zezimboni," kusho uMohai.