UNGIZWE KUZOMELE AXOLISE KUMALEMA, AKHOKHE NEZINDLEKO ZECALA


INKANTOLO enkulu eGauteng, ePitoli ithathe isinqumo sokuthi owayengumsakazi woKhozi FM uNgizwe Mchunu kumele axolise kumholi we-EFF uMnuz Julius Malema. UMchunu ubevele phambi kweNkantolo namuhla.

Lokhu kulandela inkulumo kaMchunu asola uMalema ngokuthi uthola izigidi zamarandi kubadayisi bezidakamizwa baseNigeria. Inkantolo iyalela uMchunu ukuba akhokhe izindleko zecala, angaphinde whlise isithunzi sikaMalema.

Ekhuluma ngemuva kwesinqumo senkantolo uMchunu uthe, ngeke axolise kuMalema.

"UMalema uke wathuka abaholi bezwe. Wathuka uMengameli Thabo Mbeki wathi akazali . Wathuka uMengameli ubaba uJacob Zuma wambiza ngomdlwengule kodwa icala selichithiwe eNkantolo. Akagcinanga lapho, wathi uMengameli Cyril Ramaphosa wabulala abantu eMarikana. Asazi sasingekho lapho. Mina angikaze ngimthuke uMalema bengimtshela ezikabhoqo," kubeka uMchunu.