UNEYMAR UQEDE LAPHO AQALA KHONA NE-BRAZIL


LINDOKUHLE NGCOBO

Isihlabani saseBrazil uNeymar usememezele ukuhoxa kwakhe ebholeni lamazwe, ngemuva kokuthi iBrazil ishaywe yiNorway ngo 2-1, emdlalweni womjikelezo wesi-16 weNdebe yoMhlaba ka-2026, eMetLife Stadium, eNew York (USA) izolo.

Kulo mdlalo iBrazil izamile ukuhlasela ngamandla kodwa ukuzimisela kweNorway kwaba namandla kakhulu. UNeymar ukwazile ukushaya igoli lephenathi ngomzuzu ka-90. Nokho amagoli amabili ka-Erling Haaland aqinisekise ukunqoba kweNorway.

Kube ngumzuzu ogcwele umlando kuNeymar, ngesikhathi ememezela ukuhoxa kwakhe eqenjini lesizwe eMetLife Stadium. UNeymar waqala ukudlala umdlalo wakhe wokuqala neqembu elikhulu leBrazil kuyo le nkundla ngonyaka ka-2010. Ngakho umsebenzi wakhe weqembu lesizwe uphele lapho waqala khona.

UNeymar ushiye iBrazil enamagoli angu-80, emidlalweni engu-130, wabanesandla emagolini angu-59. Lokhu kwenza uNeymar abe ngomunye wabadlali abahamba phambili emlandweni webhola laseBrazil.