UNDUNANKULU WETHULE UMQONDISI JIKELELE OMUSHA


SIZWE BLOSE 

Undunankulu wesifundazwe iKZN, uThami Ntuli wethule ngokusemthethweni uMqondisi Jikelele omusha, uNksz Nokuthula Khanyile.

Kuzokhumbuleka ukuthi lesi sikhundla sike safukanyelwa isikhathi eside uDkt Nonhlanhla Mkhize owagcina esishiye phansi kwangena uDkt Nkosenye Zulu ofike wabamba okwesikhashana wadlulela emnyangweni wezokuThuthukiswa koMnotho nezokuVakasha. 

Izintatheli zizamile ukuhlohla ngemibuzo  uKhanyile kodwa uNdunankulu wathi azimnike ithuba kancane ngoba sizofika leso sikhathi.