UNDUNANKULU UXWAYISA ABANIKA IZINDAWO ZOKUHLALA ABOKUFIKA
LINDOKUHLE NGCOBO
UNdunankulu waKwaZulu-Natal (KZN) uMnuz Thamsanqa Ntuli unxuse umphakathi ukuba uyeke ukuqashisa ngezindlu nokunikeza indawo yokuhlala kubantu bokufika abangenawo amaphepha asemthethweni. UNtuli ukhiphe lesi sicelo ngesikhathi ekhuluma nabezindaba emcimbini wokugubha i-Afrika Day ePlayhouse, eThekwini namhlanje.
UNtuli uthe abantu baseNingizimu Afrika bakhathazekile, ngokugcwala kwabantu bangaphandle abangenawo amaphepha kuleli. Wathi umphakathi yiwona onesandla kule nkinga ngoba yiwona obanikeza izindawo zokuhlala.
“Kudingeka thina siwumphakathi ngoba eqinisweni ithina esibanika izindawo zokuhlala. Uma sibona laba abangenazo izincwadi singabanikezi izindawo zokuhlala. Sicela bonke ababambe iqhaza kulolu daba lwabantu bokufika, bahlale phansi ukuze kuphume isinqumo esisemthethweni sokulungisa inkinga," kubeka uNtuli.
Lolu suku(Africa Day) lwaqalwa mhlaka 25 May 1963, ukukhuthaza ubumbano nokuzigqaja kubantu base-Afrika.
Lo mcimbi uhanjelwe nguNgqongqoshe wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko eKZN uMnuz Mntomuhle Khawula, uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nokuNgiwa kweMvelo eKZN uMfu Musa Zondi, Amabutho, izintombi, abafundi besikole nomphakathi.
76