UNDUNANKULU UNCOMA UMSEBENZI KAMKHWANAZI


LINDOKUHLE NGCOBO

SEKUQUBUKE imibuzo ngekusasa likaKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal(KZN) uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi njengoba inkontileka yakhe isiya ngasemaphethelweni. 

UNdunankulu waseKZN uMnuz Thamsanqa Ntuli usephumele obala wancoma umsebenzi owenziwa uGeneral Mkhwanazi wokulwa nobugebengu eKZN. 

Ekhuluma nabezindaba namuhla ngesikhathi eqhuba umkhankaso engangeni ngesango iyafohla kwenye yezinkampani ekhiqiza ukudla eMbilo, eThekwini uNtuli uthe uMkhwanazi ubuyise isithunzi samaphoyisa nomdladla wokusebenza emaphoyiseni. 

"Bekufanele abekhona(General Mkhwanazi), ngeshwa akekho lapha esifundazweni. Kulena yokuthi uzoqhubeka(General Mkhwanazi) yini abe uKhomishana wamaphoyisa noma cha, siyoliwela lelo bhuloho uma sekufike isikhathi. Ngibona sengathi ukusebenza kwakhe akekho ofisayo ukuthi kufike isikhathi sokuthi akasaholi amaphoyisa aseKZN," kuchaza uNtuli.

Nakube uNdunankulu engaphumelanga obala ngohambo lukaMkhwanazi. INews Avenue ihabule ukuthi uMkhwanazi unomhlangano noMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa. 

Kuzokhumbuleka ukuthi uMkhwanazi osematheni kulezi zinsuku, ngemuva kokuphumela obala ngezinsolo zenkohlakalo engaphakathi embuthweni wamaphoyisa. Nalapho aphume iqhulu noNgqongqoshe wamaphoyisa kuleli uMnuz Senzo Mchunu  nePhini likaKhomishana wamaphoyisa kuleli uMnuz Shadrack Sibiya.