UNDUNANKULU UFUNA KUPHENYWE NGEZINSOLO EZIVEZWE UMKHWANAZI
LINDOKUHLE NGCOBO
LIPHENDUKE undaba mlonyeni igama lombutho wamaphoyisa kulezi zinsuku. Kulandela ukuthi uKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLt General Nhlanhla Mkhwanazi ephumele obala ngezinsolo azibhekise kuNgqongqoshe wamaphoyisa kuzwelonke uMnuz Senzo Mchunu nePhini likaKhomishana wamaphoyisa kuzwelonke uLt General Shadrack Sibiya.
Ephawula ngalolu daba izolo eNkandla, uNdunankulu waKwaZulu-Natal(KZN) uMnuz Thamsanqa Ntuli uveze ukuthi bewuhulumeni waseKZN bakhathazekile ngezindaba ezivezwe uMkhwanazi ngeSonto emini.
"Izindaba ezijule kakhulu ezidingayo ukuthi zingazitshwa, zilandelelwe ubuqiniso bazo. Ubuqiniso bazo ibona obungakwazi ukulekelela abantu ukuthi bawathembe amaphoyisa, basithembe nathi njengohulumeni," kusho uNtuli.
"Ubengaqali uLt General Nhlanhla Mkhwanazi njengoKhomishana wamaphoyisa eKZN, noKhomishana kazwelonke(General Fannie Masemola) bahlala besazisa ngobugebengu. Sesiyazi ukuthi ubugebengu esinabo ibuphi, nokuthi izona ziphi izindawo ezihlupha ngobugebengu. Ulwazi lokuthi kunobugebengu into ebingasona isigameko sokuqala ukuba akhulume ngakho esidlangalaleni, uNgqongqoshe wamaphoyisa uyakhuluma ngakho esidlangalaleni nami ngiyakhuluma ngakho esidlangalaleni. Angikholwa ukuthi kunobugebengu okumele bufihlwe, kunobugebengu okuvele buvezwe," kuchaza uNtuli.
UMkhwanazi uthe uMchunu uphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho, uvikela izigebengu eziphenywa ngokubulawa kosopolitiki. Waphinde waveza izinsolo zokuthi uNgqongqoshe uMchunu usebenzisana nabashushumbisa izidakamizwa.
"Abantu benza ubugebengu kangaka nje, izidakamizwa zinomthelela. Sifuna ukubhekana ngqo nezigebengu kodwa sesitholile ukuthi kunongqondongqondo abasebenzisana nezigilamkhuba esibhekana nazo ezindaweni ezifana naseNanda," kusho uMkhwanazi.