UNDUNANKULU UCELA KUVIKELWE UMHLATHUZE SPORTS COMPLEX



LINDOKUHLE NGCOBO 

NJENGOBA inkundla yezemidlalo uMhlathuze Sports Complex, eseRichards Bay ngaphansi kaMasipala uMhlathuze, isezingeni lokusingatha imidlalo yasekhaya yeRichards Bay FC kwiBetway Premiership.

 UNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli usenxuse umphakathi wale ndawo ukuba uyiphathe kahle le nkundla, esandakuvulwa ngokusemthethweni ngemuva kokulungiswa kabusha.

UNtuli uphakamise lesi sicelo izolo, kulandela ukuthi le nkundla isingathe imidlalo yeKZN Premier's Cup ngokuyimpumelelo.  Le midlalo yezinsuku ezimbili inqontshwe osokhaya iRichards Bay fc ngo 1-0 ishaya iDurban City kowamanqamu. 

Ekhuluma uNtuli  unxuse uMasipala uMhlathuze  ukube ulekelele ekuvikeleni le nkundla.

"Inhlanhla esinayo lana kule nkundla kunabantu abagadayo. Abantu abanikezwe ithuba lokuba bezobukela ezemidlalo lana, kufanele bayihloniphe bazi ukuthi ingeyokuqala enyakatho nesifundazwe  inkundla yezemidlalo eseqophelweni eliphezulu," kuchaza uNtuli.

"Kufanele siyivikele ngoba iyona eyithemba lokuthuthukisa umnotho, iyona ezokwandisa amathuba omsebenzi ngoba ezemidlalo zenza lokho. Uma ngabe iPSL isikhiphe imvumo yeqembu elizodlala lana, kusho ukuthi ngisho iMamelodi Sundowns soyibona lana, ngisho iKaizer Chiefs sizoyibona lana. Lokhu kuchaza ukuthi ingqalasizinda yethu kumele ihlale isesimeni, basibone ukuthi singabantu abakwaziyo ukugada into yabo," kubeka uNtuli. 

Isiyonke imiphumela yeKZN Premier’s Cup

NgoMgqibelo: AmaZulu 3 - 2 Lamontville Golden Arrows

Durban City 2 - 1 Milford 

NgeSonto imidlalo yama Semi-finals: Richards Bay fc 1(4) - 1(3) Midlands Wanderers fc

 Durban City  3- 2 AmaZulu fc