UNDLUNKULU UKHALA NGENGCINDEZI EBHEKENE NABESILISA
LINDOKUHLE NGCOBO
UNdlunkulu uNtokozo KaMayisela Zulu uthi abantu besilisa kumele bathole ukwelapheka ngokomoya, ukuze balwe nengcindezi ababhekana nayo.
Ugcizelele lokhu ngesikhathi ehambele umcimbi i-New Man Rising kaMnuz Masoja Msiza, e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre, eThekwini izolo ebusuku. Nokuyilapho kwethulwe ngokusemthethweni iVukuthu Ibutho Lembube.
UKaMayisela uthe ukuphiliswa komoya wamadoda kuyisihluthulelo sokulwa nodlame, ukudangala, nezinye izinkinga zomphakathi.
"Iningi lamadoda lilimele lisengabafana abancane, bakhula benentukuthelo ngaphakathi. Asiyeke ukukhohlisa abantu besilisa sithi indoda ayikhali. Uma ingakhali izokhalisa umuntu wesifazane oseduze kwayo. Indoda iyakhala, okubalulekile ukuthi amadoda avume ukuthi alimele athole ukwelashwa," kubeka uNdlunkulu uKaMayisela.
Ekhuluma uMsiza ugcizelele ukuthi kubalulekile abantu besilisa ukuba bazi ngemvelaphi yabo, ukuze bezokwazi lapho beya khona.
"Kumele sihlangane, sikhule singamadoda. Uma uthi uyachaza ukuthi ungowakwasibanibani lana, kuthiwa uhamba ngani. Manje kufanele sihlangane sibe munye. Kumele sithathe abafana abancane sibaqeqeshe sibafundise ukuthi siyalingana. Uma omunye wethu enza amaphutha kube yiphutha lethu sonke. Okwesibili kumele sibe ngobaba ezinganeni," kusho uMsiza.