UNAVIGATOR GCWENSA WETHULE I-ALBHAMU ENTSHA ETHEKWINI


NONKULULEKO MSIMANGO

Umculi kamaskandi uNavigator Gcwensa unikeze abalandeli bakhe ithuba lokulalela i-albhamu yakhe entsha, ethi Ama Favour ngesikhathi kunomcimbi wokwethulwa i-albhamu yakhe obubanjelwe eBAT Centre, eThekwini ngoLwesine ebusuku.

Lo mcimbi ubuhanjelwe ngabalandeli, abaculi bendawo nabathandi bomculo kamaskandi. UNavigator ucule izingoma ezimbalwa ezizoba kule albhamu ngaphambi kokuthi ikhishwe ngokusemthethweni.

Ekhuluma kulo mcimbi, uNavigator uthe isihloko se-albhamu, Ama Favour, sisuselwa ezimeni lapho intombi iqala khona ukucela izinto eziningi kowesilisa bengakaqali ngisho ukuthandana.

“Ngibone kufanele ngibhale ngalokho ngoba kuyenzeka kakhulu ezinsizweni,” kusho lo mculi.

Le albhamu inezingoma ezingu-15 okubalwa kuzo iSengiyesaba, Ama Favour, Thula Mama kanye ne Gangster Love. Kukhona nabanye abaculi ababambe iqhaza kule albhamu okubalwa kubona uShenge, Ithole Lendidane, Ashantiey noMaqhinga.