UMUNYU KUNGCWATSHWA AMALUNGU OMNDENI


Lindokuhle Ngcobo 

UMUNYU kungcwatshwa amalungu omndeni wakwaMnyango ayisithupha namuhla eCinci, KwesakwaMthethwa. 

Lawa malungu okunguMnuz Vuyani Gcaleka(43) owayeshayela, uNkk Nokuphakama Mnyango (85), uNksz Nkosingiphile Mnyango (53), uNksz Senamile Buthelezi (29), Lubanzi Buthelezi (5) no-Ayanda Mthembu (12), ashona ngesikhathi imoto ayehamba ngayo ishayisana neloli 
 emgwaqeni uN2,  eMtubatuba ngesonto eledlule. Inkonzo yomngcwabo ebihanjelwe uNdunankulu waKwaZulu-Natal(KZN) uMnuz Thamsanqa Ntuli, uNgqongqoshe woMnyango wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu eKZN uMnuz Siboniso Duma, uNgqongqoshe wezoThuthukiswa koMphakathi eKZN uNksz Mbali Shinga neziMeya ibanjelwe enkundleni yezemidlalo eMawombe Sports Field.

Kulo mngcwabo kukhalwe ngokugcwala kwamaloli emgwaqeni. Njengoba izingozi eziningi zisuke zibandakanya amaloli.

Ekhuluma uNtuli udalule ukuthi uhulumeni waseKZN unezinhlelo zokuvuselela ojantshi bezitimela, ukuze kubuye izitimela ezithutha impahla. 

"Kufanele udaba lwezitimela lulungiswe, ukunciphisa isiminyaminya esikhona emgwaqeni. Okunye okusemqoka ukuthi kufanele, kuthi kwenzeka lokho nesimo semigwaqo sibe silungiswa. Njengoba nibona kuN2 kwakhiwa, naku N3 kwakhiwa, nemigwaqo eminye noma singeke siyiqede yonke ngosuku kodwa kuyaqhubeka ukuyakha imigwaqo," kubeka uNtuli.