UMUNYU KUKHUNJULWA UNJINJI
Sizwe Blose
Unkosikazi kaMandla Magwaza obedume ngelika Njinji, uNqo Magwaza udalule ukuthi waluduba uKhozi FM ngesikhathi uNjinji esula kuKhozi.
Uthi wavele washintshela kwiGagasi FM. "Ngilubonga kakhulu uKhozi FM ngalokhu elikwenzele uNjinji, kukhulu kakhulu kumina," kuchaza uNkk Magwaza.
Uthe uNjinji ubezithanda izingane zakhe kanti naye ubemthanda kangangoba besebephenduke abangani.
Izingane zikhale kakhulu ngokushiywa ubaba wazo.
Inkonzo beyiphethwe uSizwe Mdlalose noLucky Nkosi woKhozi FM.
Inkulumo kaMandla Mdletshe okhulumele uKhozi FM ithinte abingi njengoba ekhulume ngaye efika emsakazweni kuze kube uyomlethela incwadi yokwesula.
UNjinji uzogcwatshwa eThekwini, endaweni yaNanda. Yena ungowase Jozini.