UMUNYU KUKHUNJULWA ABASHONE ENGOZINI YETEKISI KWAMPUMUZA



LINDOKUHLE NGCOBO

KUVUKE iminjunju yokushiywa yizihlobo emindenini yabangu-5, yabashone engozini eyenzeke KwaMpumuza, eMgungundlovu namuhla ngesikhathi kunenkonzo yesikhumbuzo sabo.

Imindeni yabashonile ihlulekile ukuzibamba izinyembezi ngesikhathi ikhuluma kule nkonzo, ebihlelwe uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal oholwa uNgqongqoshe uMnuz Sibiniso Duma. 

"Imicabango yethu ikanye nemindeni emhlanu elahlekelwe izihlobo zayo engozini embi eyenzeke  KwaMpumuza. Asibambisane sibe kanye nemindeni kulesi sikhathi esinzima," kubeka uDuma. 

Le ngozi yenzeka ngesikhathi kugingqika itekisi emgwaqeni uMpumuza, ngoMsombuluko ngehora lesi-8 ebusuku. kwashona abane endaweni yesigameko, abathathu bashonela esibhedlela kwasinda abane abathola ukwelashwa esibhedlela. 

Kulindeleke ukuthi abashonile bafihlwe ngempelasonto.