UMUNYU KUFIHLWA OWABULAWA NGESIHLUKU EMAPONYA MALL


LINDOKUHLE NGCOBO 

KUVUKE usizi emngcwabeni wowesilisa oneminyaka engu-27  ubudala obeshayela imoto yaka-Uber eGauteng. 

USiyanda Mthokozisi Mvelase ufihlwe kubo endaweni yaseMbangweni Olundi, namuhla. 

 UMvelase wadutshulwa wabulawa washiswa ngenyanga edlule eMaponya Mall, eSoweto ngesikhathi kunengxabano phakathi kwabashayeli bamatekisi nabashayeli bake e-hailing. 

Lokhu kwenzeka ngemuva kwezinsuku ezimbili uMvelase eqale lo msebenzi wokuthutha umphakathi. Lokhu kuholele ekutheni unina(uMvelase) angeniswe esibhedlela ngenxa yokwethuka.

Enkonzweni yomngcwabo kaMvelase, umndeni wakhe uhlulekile ukukhuluma njengoba bekuheleza umoya wosizi.  Obekhulumela izingane zakwabo(Mvelase) uBuhle Mvelase ushaye ngamafuphi ezama ukubamba izinyembezi

"Kuningi esingakusho uma singathi sikhuluma ngoToto(Mvelase) ngenxa yesimo ngeke kusenzeka," esho.

Obekhulumela omama uchaze uMvelase njengomuntu obehlonipha, engakhulumi kakhulu.  Wathi ayimfanele indlela ashone ngayo ngoba ubewumuntu onokuthula.

Lo mndeni ubhekene nobunzima njengoba  kusabalala ividiyo ezinkundleni zokuxhumana, kuyo okubonakala imoto isha.