UMUGABE UVUME ICALA


UBellarmine Mugabe oyindodana kaRobert Mugabe owayenguMengameli waseZimbabwe nasolwa naye, uTobias Matonhdze, bazobuyela eNkantolo kaMantshi yase-Alexandra ngomhlaka 24 April 2026, ngecala lokudubula balimaze umuntu eHyde Park, eGoli. Kulindeleke ukuthi umbuso ukhiphe isigwebo, uma abamangalelwa sebebuyela eNkantolo.

Kulandela ukuthi namuhla ligcine lugobile uphondo kuMugabe noMatonhdze, ngesikhathi bevele eNkantolo. UMagabe uvume icala lokukhomba umuntu ngesibhamu nelokuba kuleli ngokungekho emthethweni. UMatonhdze uvume icala lokuzama ukubulala, elokulahla isibhamu, elokutholakala nezinhlamvu nelokuba kuleli ngokungekho emthethweni.

Umbuso uyalele abamangalelwa ukuba bakhiphe isibhamu, baphinde bakhokhe inhlawulo kumsebenzi wasengadini ngo February 2026.