UMTHANDENI UTHIPHA EKAMAFIKIZOLO KWEYOKUHLUKANISA UNYAKA
LINDOKUHLE NGCOBO
WENZE okungajwayelekile emculweni kaMaskandi uMthandeni "Igcokama Elisha" Manqele, ekhankasela ingoma kaLethukuthula "Umafikizolo" Madondo ukuthi ihlukanise unyaka emsakazweni uKhozi FM.
UMthandeni SK ungomunye wabaculi abahamba phambili kuMaskandi nasemculweni wakuleli. Lo odabuka eMdletsheni, eHluhluwe uqophe ividiyo wayifaka ekhsini lakhe likaFacebook, enxusa abalandeli bakaMaskandi ukuthi bavotele ingoma kaMafikizolo ethi "Uyoncengwa unyoko" ukuze ingene kuhlu lwezingoma ezizohlukanisa unyaka.
"Bafowethu uma kwenzeka uKhozi FM lukhipha iTop 10, ivoteleni le ngoma Uyoncengwa unyoko. Mina uma ngingena kulezi zinto zokuhlukanisa unyaka, ngisuke ngifuna ukukhombisa amandla ami nje. Mina ngaqopha umlando ngathatha indondo yeBest Song of the year eyayithathwe uSifiso Ncwane kuphela lana eNingizimu Afrika. Ngahlukanisa unyaka ngeGucci ngathola umklomelo omkhulu wemoto ethi njimm. Vele lento yokuhlukanisa unyaka bengihlezi ngiyifisela abafana abancane njengoba kwenzeka kuNtencane efika emculweni wahlukanisa unyaka wangena kubantu. Sesikhathele, siyalala uMthandeni, siyavuka uMthandeni asinikeni abafana abancane ithuba," kubeka uMthandeni.
Eqhuba uthe kwakumele ahlukanise unyaka ukuze ahlukanise phakathi kwamasi nenkomazi.
"Qhawe ngiyabonga kakhulu Mthandeni Manqela okungomunye wobhuti abaphambili kakhulu kumina endimeni ukuthinta igama lami kusho lukhulu ngithi eh Manqele, " kubeka uMafikizolo.
Le ngoma yalo mculi waseMnambithi ishisa izikhotha njengoba ihamba phambili ezingomeni ezidlalwa kakhulu.