UMSINDO URAMAPHOSA EQOKA ONGANGENANGA KWINHLOLOKHONO
Sekuqubuke omkhulu umsindo ngesenzo sikaMengameli Cyril Ramaphosa. UMengameli usanda kumemezela u-Adv Andy Mothibi ngengozoba yiNational Director of Public Prosecutions (NDPP).
Umsindo ususwa ukuthi uMothibi ubengekho kwinhlolokhono yalomsebenzi.
Echaza uVincent Magwenya okhulumela ihhovisi likamengameli, ngesinqumo sakhe, uthe kulabo bonke abangu-6 abenze inhlolokhono, akekho owatholakala simlungele lesi sikhundla. "Okunye futhi okumele kuqondwe umphakathi ukuthi, kuyilungelo likamengameli ukuqoka iNDPP. Kodwa ngoba ufuna zonke izinto zihlale obala nokuthi lowo owenze inhlolokho waphumelela, umphakathi ukwazi ukumqonda kangcono,"kubeka uMgwenya.
Ube esechaza ngokuthi, uMothibi usilungele lesi sikhundla, njengamanje uphethe iSpecial Investigating Unit (SIU).
U-Adv Lawson Naidoo weCasac, uthe khona akubanga yinto enhle ukuthathwa komuntu engayenzile inhlolokhono, bekubalulekile ukuthi uma umengameli ebona ukuthi uMothibi ukufanele ukuthatha lesi sikhundla, amcele ukuthi afake isicelo somsebenzi.
Njengamanje kushiya imibuzo ukuthi umengameli avele aziqokele umuntu ekubeni abanye benze ama interviews.
Njengamanje lesi sikhundla seNDPP sisezandleni zika Adv Shamila Batohi, osethatha umhlalaphansi ngenxa yeminyaka.