UMSINDO NGOKUBIZWA KUKA-OKON KWIBAFANA BAFANA
LINDOKUHLE NGCOBO
Sekuvele umsindo omkhulu ezinkundleni zokuxhumana nasemiphakathini yebhola ngokubizwa kuka-Ime Okon esikwatini seBafana Bafana, esiya emqhudelwaneni weNdebe yoMhlaba ngenyanga ezayo(June). Lo mqhudelwano uzodlalelwa emazweni amathu eCanada, eMexico nase-United States of America.
Lo msindo usuke emuva kokuthi u-Okon owazalelwa eGoli, wakhulela kuleli, unina ungumuntu wakuleli, kanti uyise ungowaseNigeria. Lokhu sekudale ukuthi abalandeli beqembu lesizwe bahlukane phakathi.
Abanye abalandeli bathi lo mdlali osemncane kumele adlalele izwe likayise iNigeria kanti abanye bayakuchitha lokho. Bathi kuyilungelo lakhe (Okon) eliphelele ukukhetha ukudlalela izwe lapho azalwa khona wakhulela khona.
Noma kunjalo, umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, ukhombise ukumethemba kakhulu u-Okon. Lo mdlali odlalela iHannover 96 yaseGermany usevame ukubizwa esikwatini yilo mqeqeshi.
UBroos umemezele iqembu lokugcina eliya eNdebeni yoMhlaba ePitoli, izolo.