UMSINDO NGESITULO EBESIHLELI INTULI EMKHOSINI WOMHLANGA
LINDOKUHLE NGCOBO
SEKUSUKE umsindo ezinkundleni zokuxhumana mayelana nesihlalo ebesihlezi uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thamsanqa Ntuli eMkhosini woMhlanga, ngesikhathi izintombi zibeka umhlanga esigodlweni eMashobeni, oPhongolo.
Lesi sithombe sifakwe ezinkundleni zokuxhumana ngenye yenhlangano yezindaba egxeka isitulo ebesihlezi uNtuli ngesikhathi izintombi zibeka umhlanga esigodlweni.
Ephawula ngalesi sithombe uMntwana Thulani Zulu waseZibindini okhulumela iSilo uMisuzulu kaZwelithini neNdlunkulu kaZulu, uthi lesi sithombe esivezwe ile nhlangano yezindaba siyamkhathaza. Wadulula ukuthi lesi sihlalo besingahlelelwe uNdunankulu.
"Laphaya kwisakhiwo bekulungiselwe iNgonyama kubekwe isihlalo sayo ngesikhathi kubekwa umhlanga. Ngenxa yokuma isikhathi eside, izingane zilokhu zibeka umhlanga kuze kwadonswa izitulo zepulasitiki ebezikude buduze nalapho kubekwa khona umhlanga, ebezingahlosile ukuthi ngezakhona. UNdunankulu wadonsa isihlalo sepulasitiki laphaya ukuba acuphe kuso.
"Nenkosi yaKwaChiliza isebenzise isitulo seplastiki. NaMakhosi nabo bonke ebebekhona bagcina bezidonsela leziya zitulo ebezibekwe inqwaba laphaya baqoshama kuzo ngoba kahle kahle bekungasiyona indawo yomcimbi. Inhloso bekuwukuma kwasho ukuthi ilanga liyashiya," kuchaza uMntwana Thulani.