UMSINDO ISABC INQAMULA UHLELO OLUNOHLONZO


Kusolwa isandla esinoboya kuvalwa uhlelo uhlelo lwezingxoxo olushayelwa uClerment Manyathela ku Sabc olibizwa ngeFace The Nation.

Lenhlangano yezokusaza ibeka ukuthi uhlelo luyabiza kanti yayisimazisile uManyathela ukuthi iyaluvala lolu hlelo, iFace The Nation.

Abanye bakholelwa ukuthi imibuzo eqinile ebeyijikijelwa uManyathela nangendlela abeyiphonsa ngayo beyimenza abe manyambanyambane kulabo okumele babhekane nesizwe. 

Lesisenzo sesishiye kukhalwa ngoba abantu bebeluthokozela kakhulu. ISabc ithi bebebancane abantu abalulandelayo futhi lungakhuli. Lokhu kuphikiswa abantu abaningi abebelulandela.