UMSELEKU UKHALA NGOKWEHLA KWENHLONIPHO KUBAFAZI BAKHE
UMusa Mseleku wodumo loThando neSithembu uhluleke ukuzibamba kwithelevishini, wakhala ngokuhlushwa amakhosikazi akhe amathathu.
UMseleku ukhale ngoMaKhumalo, uMaNgwabe noMaYeni ukuthi abamhloniphi futhi abamazi nokuthi uyini. Kulokhu kukhala ngamakhosikazi akhe uncome uMaCele njengokosikazi okunguyena kuphela athi uyamhlonipha.
"Konke abanako kungenxa yami ngisho nemizi yabo bayithole ngenxa yami, kodwa abangazi nokuthi ngiyini," kuzikhalela uMseleku.
Inkinga enkulu idalwe ukuthi uMseleku athathe unkosikazi wesihlanu, okuyinto engahlalanga kahle kumakhosikazi akhe. UMseleku ufuna unkosikazi wesihlanu ngoba ethi ufuna ahlale kakhulu eMzumbe, kodwa amakhosikazi akhe awayizwa izwe leyo.
Okunye okuvela ukuthi akhala ngakho lamakhosikazi ukuthi uma ezothatha izinqumo akawathinti kodwa utshela uMaCele kuphela.