UMSAKAZI USHIYE ISIGUBHUKANE
Sizwe Blose
Ushiye isigubhukane umsakazi owazakhela udumo ngokudalula iholo lakhe esidlangalaleni
UPenny Ntuli washiya kwiGagasi ekhaliswa iholo elingu R2800 ayelihola kulomsakazo. Ugcine ethuthela eGoli lapho angena khona kwiJozi FM engena ngo 9-12 nsukuzonke aphinde abuye nohlelo lukaMaskandi ngo Mgqibelo.
Uthumele isitatimende ebonga kubaphathi, abalaleli kanjalo nakubasakazi. Uthe uphatheke kahle kwiJozi FM.
"Ngangizitshela ukuthi ngizohlala izinyanga ezingu-6 kodwa ngigcine sengihlala iminyaka emibili. Sengize ngafunda nanolimi lwakhona," kuchaza uPenny.
Akaphumelanga obala ngesizathu esimenza ashiye kwiJozi kodwa umthombo weNews Avenue uveze ukuthi angase ajoyine umsakazo omkhulu eGauteng.
Lokhu kuphambene nesitatimende esithi ubesefuna ukubuyela eThekwini.
Umthombo uphinde waveza ukuthi uPenny izinhlelo zakwi Jozi FM zishintshwa ngoMarch.