UMSAKAZI UBHOBOKA NGOKUMISWA EMOYENI


Umsakazi weKhaya FM uSol Phenduka ubhoboke okokuqala ngokumiswa kwakhe kulo msakazo.

Ekhuluma kwi Podcast & Chill, uSol uthe kumumangazile ukumiswa kwakhe. "Ngibizwe emhlanganweni ngatshelwa ukuthi ngiyamiswa izinsuku ezingu 7. Ngimiselwa icala likaMinnie Dlamini," kuchaza uSol ekhuluma noMacG noGhost Lady.

USol uthe yena ngokwakhe ubezitshela ukuthi mhlawumpe bazobeka isizathu sokuthi, ufake isiteshi ehlazweni ngezinto azenza ngaphandle.

 Uthe okumthuse kakhulu ukuthi kuthiwe angayithi vu lendaba. Kodwa ngakolunye uhlangothi umsakazo ukhipha isitatimende ngokumiswa kwakhe.

UMac G ubuze uSol ukuthi yini kunabaphathi abasha yini. Uvumile uSol, uMac G wavele wathi naye waxoshwa kanje. Wabe esethi kuphelile ngoSol kwiKhaya FM.

Abukeka emancane amathuma okubuyela kwiKhaya FM kuSol, njengoba esephule neminye yemigomo yokumiswa kwakhe. Kuthiwe angayikhulumi lendaba kodwa nangu ekade eseyikhuluma, egxeka nesenzo sabaphathi bakhe.