UMSAKAZI NOMLAYEZO OSHUBILE KWABAGXEKA UHLELO LWAKHE


LINDOKUHLE NGCOBO

UMSAKAZI weGagasi FM nongusomahlaya uFelix Hlophe unengwa ngabagxeka uhlelo oluveza impilo yakhe, iLife with Felix Hlophe, olukhonjiswa kuMzansi Magic ngoLwesine ngehora lesi-8 ebusuku. 

Selokhu laqala ngoMay wakulo nyaka lolu hlelo, kukhona ingxenye yabantu ejwayele ukubhala ezinkundleni zokuxhumana ikhala ngokuthi luyabhora. Abanye balibeka ngembaba elokuthi kufanele luvalwe.

 Uhlelo lukaHlophe luveza impilo yomndeni wakhe, nemizamo yakhe yokuthatha isithembu njengoba enomfazi wakhe uTracy Smith-Hlophe. 

UHlophe ungene ekhasini lakhe lakuFacebook ngoLwesihlanu watshela abagxeka lolu hlelo ukuthi bayeka ukulibuka. 

"Anikwazi ukulokhu nivumela ukucasulwa into eyodwa njalo ngesonto. Okungcono fanele uyiyeke. Uyekele abayithandayo bayibukele. Uyayazi ukuthi idlala ngasikhathi sini yigweme nje kwaphela. Iremothi ihlala kuwena esandleni," kubeka uHlophe.

Nangaphansi kwalo mbhalo kaHlophe, bakhona abaqhubekile bamtshela ukuthi abagculisekile ngohlelo lwakhe(Hlophe), baphakamisa ukuthi aluvalwe. UHlophe uveze ukuthi nabo indlela abazama ukuziphilisa ngayo bewumndeni, wasola abalandeli ngokubaphuca(Hlophe) iphalishi.