UMREPHA UCACISA NGESIMO SENKABI RECORDS


UMREPHA uSiyabonga "Big Zulu" Nene ucacisa ngesimo senkampani yakhe iNkabi Records. Lokhu kulandela ukuhlukana kweNkabi Records nomculi uMduduzi Ncube, osevule inkampani yakhe iBlack Bird.

UBig Zulu uthi iNkabi Records akayenzelanga ukubopha amaciko kodwa uyenzele ukuwakha akhule nazo akwazi ukuphilisa imindeni yawo.

"UNkulunkulu emuhle njalo niwabonila amaciko efika naweseka nawabona ephumelela. Kuyangithokozisa ukuwabona evula izinkampani zawo, ephatha nawo, okukhombisayo ukuthi asekhule ngokwanele. Alikho iciko engiyoke ngilivimbe  noma ngilibambe bese libona ukuthi selingakhona ukuzimela, ngilikhulula ngezandla ezimhlophe," kubeka uBig Zulu.

Ephetha uBig Zulu uthi inkampani yakhe isazoqhubeka nokuvula amathuba kumaciko nokuvundulula amakhono amasha.