UMQEQESHI WEPIRATES AKAZI LUTHO NGOKUHAMBA KWA RELE


Umqeqeshi we-Orlando Pirates u-Abdeslam Quaddou, uthi naye usazifunda emaphepheni izindaba zokuthi uRelebohile Mofokeng uzolishiya leli qembu.

Embikweni ocashunwe kwiDiski Times, u-Quaddou udalule ukuthi yena akazi lutho ngokuhamba kukaRelebohile. "Ngizwe kuthiwa angase aye kwa Israel noma eSaudi Arabia kodwa mina angazi lutho ngalokho yingakho edlale umdlalo wonke kwiMTN 8," kuchaza lomqeqeshi.

Uthe ungumdlali onohlonze noqeqeshwe yiPirates, wadalula ukuthi angakuthokozela ukuba naye esikwatini sakhe.

Yona a ike yavela kakhulu imibiko ehlanganisa Iomdlali neSaudi Arabia kodwa engakaqinisekiswa.