UMQEQESHI WE RWANDA UNXUSA ICHIEFS UKUTHI IKHULULE UNOZINTI WASE RWANDA


UMQEQESHI weqembu lesizwe laseRwanda u-Adel Amrouche uthi iKaizer Chiefs kumele imkhulule unozinti wayo uFiacre Ntwari waseRwanda. 

Ekhuluma esithangamini sabezindaba eMbombela Stadium, eMpumalanga izolo, u-Amrouche uthi ngokwakhe uNtwari akuyena umdlali ofanelwe ukuhlala ebhentshini. 

"UFiacre ungunozinti ohamba phambili e-Afrika. Angiqondile ukubukela phansi unozinti odlaliswa kwiKaizer Chiefs. Lana esikwatini sethu abadlali bayamthanda futhi bayamhlonipha. Ngicabanga ukuthi uma unomdlali ofana noFiacre kuphakathi kokuthi uyamdlalisa noma uyamdedela eyodlalela elinye iqembu, " kuchaza u-Amrouche. 

Lo mqeqeshi ukhulume kanje nje, iqembu lakhe lizobhekana neBafana Bafana eqoqweni lika-C, emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba yango-2026, eMbombela Stadium ngehora lesi-6 namuhla ntambama. 

IRwanda eyashaya iBafana ngo 2-0 emlenzeni wokuqala, iya(Rwanda) kulo mdlalo wokugcina ukuyochitha icala njengoba ivele ingasenalo ithuba lokuya kwiNdebe yomhlaba yango-2026. 

Ngakolunye uhlangothi iBafana esendaweni yesibili ngamaphuzu angu- 15, inengcindezi yokunqoba lo mdlalo kumnyama kubomvu bese (iBafana) ithandazela ukuthi iNigeria ihlule iBenin komunye umdlalo wokugcina waleli qoqo. 

IBenin ihlezi phezulu ngamaphuzu angu-17 kanti iNigeria isendaweni yesithathu ngamaphuzu angu-14. Imiphumela yanamuhla iyona izosho ukuthi iliphi iqembu lesizwe elizoya e-South America phakathi kweBenin, Bafana Bafana neNigeria.