UMOTSEPE UVEZE UKUTHI I-AFRIKA IZA KUQALA KUYENA
Umengameli weConfederation of African Football (CAF) uDr Patrice Motsepe, utshele izintatheli ebezihambele isithangami sabezindaba eMorroco namhlanje, ukuthi okubalulekile kuyena yi- Africa.
UMotsepe uthe okubalulekile ukugcwalisa izinkundla uma kune Afcon.
"Into engenza ukuthi izinkundla zigcwale ukuthi, uma imidlalo izobanjelwa eNigeria, kuqale kudlalwe ngokusondelana kwamazwe. Isibonele iNingizimu Afrika, Zimbabwe, Mozambique, Angola njalo njalo lamazwe adlale wodwa kuma region awo, kube sekuya lawo awine lapho eNigeria," kusho uMotsepe othe lokhu kuzoheha abatshali bezimali abaningi ngoba izinkundla zizokube zigcwele.
Uphinde waveza ukuthi kumele lithuthuke izinga lebhola e-Afrika.
Uthe i-Afrika ayinakho ukuzethemba. " Kumele sikwazi ukuthi cha Fifa asihambisani nawe kulokho, njengoba nayo ikwenza iFifa," kusho uMotsepe egcizelela ekutheni kumele i-Afrika izethembe.