UMOTSEPE UBHOBOKA NGESOKUNGENELA ESOKUBA UMENGAMELI WE-ANC


SIZO BLOSE 

Umengameli weCAF ophinde abe ngumphathi weMamelodi Sundowns Football Club, uPatrice Motsepe usephefumulile ngodaba olusematheni lokungenela ukhetho lokuba umengameli we-ANC.

Ephawula ngalolu daba emcimbini wenkampani yakhe, lapho ekade ethula isimo sezimali senkampani yakhe, i-Africa Rainbow Minerals, uMotsepe uthe kudala uke wahlangana nezintatheli esizumnkantshubovu, zambuza ngalo lolu daba.
"Ngakubeka kwacaca ukuthi ngizoqhubeka nokuxhasa izinhlangano zezepolitiki, zonke kuhlanganisa ne-ANC, ngisebenzisa iMotsepe Foundation," kuchaza uMotsepe.

Ngalendlela ubeveza ukuthi akekho embangweni wesikhundla sokuba umengameki we-ANC.

Ngesikhathi ziphuma lezi zindaba zokungena kukaMotsepe zathokozelwa abaningi kodwa uNobhala Jikelele we ANC, uFikile Mbalula wabuza ukuthi ulilunga laliphi igatsha uMotsepe.