UMOGOTSI UVUMA EYOKUBHACAZA KWIKHOMISHANA KAMADLANGA
UKHOMISHANA u-Adv Sesi Baloyi utshele usomabhizinisi uMnuz Brown Mogotsi ukuthi ufike kwiKhomishana kaMadlanga engenakho ubufakazi obuphathekayo.
UBaloyi ongomunye woKhomishana besigcawu esiholwa uJaji Madlanga, uthi uMogotsi usebenzisa le khomishana ukwenza izinsolo ezibucayi ngabanye abantu.
UMogotsi uvumile ukuthi akanabo ubufakazi obuphathekayo.
"Ngize lana ukuzosiza iKhomishana, ngizokhuluma konke engikwaziyo angiqambi amanga. Engikushoyo ngakuzwa ngoCat Matlala. Yebo anginabo ubufakazi bakho kodwa ngakutshela uMatlala,"
UMogotsi usho kanje ngemuva kokwehluleka ukuveza ubufakazi, bokuthi uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal(KZN) uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi noKhomishana wamaPhoyisa kuleli uGeneral Fannie Masemola bafakelwa imali nguMnuz Vusumuzi Cat Matlala.
IKhomishana kaMadlanga iyaqhubeka njengamanje ePitoli.