UMNYANGO NOHLELO LOKUQEDA OMAZISI ABALUHLAZA KULELI
LINDOKUHLE NGCOBO
UNGQONGQOSHE woMnyango wezaseKhaya kuleli uMnuz Leon Schreiber uthi sekuyisikhathi sokuthi abantu baseNingizimu Afrika bayeke ukusebenzisa omasizi abaluhlaza bashintshele komusha oyikhadi.
Ekhuluma kwiDA Podcast uSchreiber ukhale ngokuthi kulula ukwenza ubugebengu ngalabo mazisi. Njengoba isithombe sakhona sikhipheka kulalula
"UMnyango wezaseKhaya uzogcina ekupheleni kwalo nyaka ukukhipha umazisa abaluhlaza. Kunezinhlelo zokuthi ngo-2029 wonke umuntu ebenomazisi oyikhadi. Kusukela ngonyaka ka-2013, uMnyango usukhiphe omazisi abangamakhadi abangaphezulu kuka-30 million. Kunabantu abangaphezulu kuka-18 million abasasebenzisa omazisi abadala," kuchaza uSchreiber.
Ephethe uthe amabhange azobamba iqhaza ekutheni abantu beshintshele komasizi abangamakhadi.