UMNGQITHI UKHALE NGE VAR BESHAWA ICHIEFS
Lindokuhle Ngcobo
UMQEQESHI weLamontville Golden Arrows uManqoba "TV" Mngqithi ubalise ngokungabibikho kweVideo Assistant Referee (VAR), iqembu lakhe lishawa iKaizer Chiefs ngo 1-0, emdlalweni weBetway Premiership eFNB Stadium, eGoli izolo. Amakhosi anqobe lo mdlalo ngegoli lika-Eden McCarthy, alishaye esiwombeni sokuqala.
Ekhuluma ngemuva kwalo mdlalo uMngqithi uveze ukuthi, iPSL isazoqhubeka nokuba nezinkinga uma ingafuni ukusukumela phezulu udaba lweVAR. Wathi amaqembu asebenza kanzima ukwenza amalungiselelo emidlalo.
"Uma ufuna ukubona ukuthi igoli lishawe emhlabeni ongafanele (offside), qale ubuke ngesikhathi ibhola likhahlelwa uSilva. Vele u-Eden McCarthy ubesesemhlabeni ongafanele. Uhlulwe emdlalweni, akekho onendaba, ungenelwa igoli abantu bathi awuvali kahle emuva," kuchaza uMngqithi.
Eqhube uMngqithi uthe ibhola selishintshile manje, ngeke agxeke unompempe nethimba lakhe(unompempe). Wagcizelela ukuthi kumele isukenyelwe iVAR ngoba kudlalelwa imali engu R20 million kwiligi.