UMNGQITHI UBIKE IZABA EDLIWA I-SUNDOWNS



UMQEQESHI weLamontville Golden Arrows FC, uManqoba Mngqithi ukhale ngokudlala kancane kwezakhe ngesiwombe sokuqala, ngesikhathi zishawa iMamelodi Sundowns ngo 2-1, emdlalweni weBetway Premiership eLoftus Versfeld Stadium,  ePitoli izolo. 

Abashaye amagoli eSundowns nguTebogo Mokoena ngomzuzu ka 28 no-Iqraam Rayners ngomzuzu ka 48. Igoli laBafana Besithende okube iphenathi, libekwe enethini nguSede Junior Dion ngomzuzu ka 77.

Ekhuluma nabezindaba ngemuva komdlalo, uMngqithi uthi ngesiwombe sokuqala iqembu lakhe belithwele kanzima.  Wathi abadlali bakhe bawahloniphe kakhulu AmaBrazilians, aqede umdlalo engasaphelele ngemuva kokuthi uJayden Adams ethole ikhadi elibomvu. Kulandela ukudlalisa kabi u-Ayabulela Maxwele we-Arrows.

"Sidlale kahle ngesiwombe sesibili. Nakuba sithole igoli ngephenathi, ngicabanga ukuthi siwatholile amathuba emdlalweni,  nokho kwanzima ukuthola igoli. Kithi kusho lukhulu ukunqoba umdlalo womlenze wokuqala sibhekene neMamelodi Sundowns, okuyiqembu eliseqophelweni eliphezulu," kubeka uMngqithi.