UMNDENI UCELA UKUFUNISWA INDODAKAZI EDUKILE
KUNXUSWA umphakathi ukuba usize kutholakale umfundi wentombazane oneminyaka engu 16 ubudala.
UCandice Sinothando Mthethwa osesithombeni, ongumfundi webanga lesi 11, Temple Velley Secondary School, eTemple Valley, kanti ekhaya kubo kusendaweni yaseHazelmere, eVerulam.
Ngokusho komndeni kaSinothando uphume ekhaya kubo ebheke esikoleni kodwa akazange esabuya. Ngesikhathi ephuma kubo ubegqoke umfaniswano wesikole, isikhethi esi-grey, ihembe elimhlophe nejezi elimnyama.
Kucelwa noma ubani ongabanolwazi olungasiza kutholakale uSinothando ashayele ku 086 123 4333.