UMNDENI KASENZO MEYIWA UBHIKISHE EZINDLINI ZOMBUSO
Umndeni kalowo owayengunozinti we-Orlando Pirates FC neBafana Bafana uSenzo Meyiwa, ungenele umbhikisho ezindlini zombuso ePitoli namuhla. Lo mndeni ufuna uhulumeni angenelele ecaleni lokubulawa kukaMeyiwe.
Sekuphele iminyaka engaphezulu kwengu 11, uMeyiwa adutshulwa wabulawa kanti icala elisemthethweni elibhekene nabasolwa abahlanu, liyaqhubeka ngaphansi kukaJaji Ratha Mokgoatlheng eNkantolo eNkulu yasePitoli.
Umfowabo kaMeyiwa, uSifiso utshele abezindaba ukuthi abasolwa ababoshiwe, akusibona ababulala uMeyiwa.
"UTumelo wafonela umndeni wawutshela ukuthi uSenzo udubuleke ngephutha. Liphi iphutha manje? ingakho silana ngoba siyazi ukuthi kwenzakalani ngaphakathi endlini. Ngatshelwa nangu Dr Irvin Khoza, wathi kimi, Sifiso umfowenu akabulawanga izigebengu. Zonke lezi izindaba ezishiwo zingamanga ngoba umfowenu ubedumile manje iqiniso ngokubulawa kwakhe lizosusa umsindo," kuchaza uSifiso.
Eqhuba unxuse uMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa ukuba angenelele, ukuze kube nobulungiswa.
UMeyiwa wabulawa ngo-October 2014, kubo kwalowo owayeyintombi yakhe uKelly Khumalo eVosloorus, eGoli.