UMNCWANGO UNGENE EZINTANGENI NGESIZATHU SOKUSHIYA I-MK PARTY
ILUNGU le-IFP elisha, uDkt Bongani Mncwango akazange aphumele obala ngesizathu esimenze washiya iMK Party.
UMncwango obengunobhala Jikelele weMK Party, wethulwe ngokusemthethweni njengelungu leNkatha, nguMengameli we-IFP uMnuz Velenkosini Hlabisa namuhla esithangamini sabezindaba ebesibanjelwe ehhovisi elikhulu le-IFP, eThekwini.
Ekhuluma kulesi sithangami uMncwango, uthe akathandi ukusebenzisa isithangami ukukhuluma mayelana neqembu aphuma kulo(MK Party).
"Uma ungena eqenjini ngombono othengiselwe wona nokholelwa kuwona, usuke ulindele ukuthi ubuholi obungaphakathi buzohamba ngalowo mbono. Manje uma sekukhona ukungaboni ngaso linye umbono udlwenguleka, kumele kube ukuthi nawe uyaqhubeka nokuwudlwengula noma uyavalelisa uye lapho okuzokhona ukuthokomala," kubeka uMncwango.
Ephetha uveze ukuthi abemane amaqembu ezimbusazwe abemeshela, nokho waqoma i-IFP.