UMLISA UZAME UKUBULALA INTOMBI KWAFA YENA
Lindokuhle Ngcobo
NGEKE esakubona ukushona kwelanga owesilisa ozidubule wafa, namuhla eWestville.
Kuvela ukuthi lo mlisa uhlasele intombi yakhe emsebenzini wayo e-Office Park emgwaqeni uSpine. Nokuthe uma efika(umlisa) kwasuka ingxabano phakathi kwakhe nentombi yakhe. Abazibonele baveze ukuthi lo wesifazane uzamile ukuxolisa kodwa umlisa wamdubula(owesifazane) ngenhloso yokumbulala. Emva kwalokho umlisa ube esezidubula washona endaweni yesigameko.
Owesifazane usindile kulesi sigameko, wabe esephuthunyiswe esibhedlela. Okwamanje ayikaziwa imbangela yalesi sigameko amaphoyisa asaphenya.