UMLINGISI ODUMILE UTHI KUNGCONO UKUBA NOMKHULUMELI KWEZIKAQESIZUNGU
LINDOKUHLE NGCOBO
Umlingisi odlala indawo kaFikile Hlatshwayo kumdlalo wakumabonakude u-Uzalo, uNelisa Mchunu, ugqugquzela amaciko ukuba afune abakhulumeli (agent) azowamela.
UNelisa uveze lokhu engxoxweni ekhethekile abe nayo neNews Avenue, eThekwini.
Elandisa iNews Avenue lo mlingisi osebonakale emdlalweni kamabonakude emningi okubalwa iMy Brother's Keeper (Khathazile Shabalala), Generations: The Legacy (Tizitha Mngomezulu) ne-Isifiso (Bazothini), udalule ukuthi kunzima ukuqashwa endimeni yokulingisa ngoba kunemigudu yakhona elandelwayo.
"Sekukaningi abantu bengicela umsebenzi, angiqashani, nami ngiqashiwe. Angikwazi ukukufaka emsebenzini, ungena ngenhlokhono. Mina ngiyakholelwa kubakhulumeli. Abantu abakhuluma nami befuna umsebenzi, ngihlezi ngibatshela ukuthi abathole abakhulumeli. Mina ngeke ngikwazi, okokuqala abakhulumeli ibona abakwaziyo ukukutshela uma kukhona inhlokhono ngoba ibona abatshelwayo," kubeka uNelisa.
Inkulumo ephelele izosakazwa ekhasini likaYoutube weNews Avenue maduze.