UMLANDO KUHLANGANA ABADUME EZINKUNDLENI ZOKUXHUMANA


KUQOPHEKE umlando ngesikhathi kunomhlangano wokufundisa abantu abadume ezinkundleni zokuxhumana, ngomhlahlandlela wokusebenzisana nezinkampani ngokusemthethweni. 

Lo mhlangano bewubanjelwe eMusic House KZN, eThekwini izolo ngokuhlelwa uMnyango wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal(KZN) oholwa uNgqongqoshe uMnuz Mntomuhle Khawula ngokuhlanganyela nenkampani yezokuxhumana iVodacom. 

Abadume ezinkundleni zokuxhumana bafundiswe ngokubaluleka kokwenza imisebenzi ekhokhelwayo  nokuhlonipha abalandeli babo.

Kuphinde kwavela ukuthi iyadingeka eminye imihlangano efuze lena.