UMKLOMELO KOZOLEKELELA KUTHOLAKALE INGANE EDUKILE


LINDOKUHLE NGCOBO 

Amaphoyisa aseKwaZulu-Natal (KZN) asebeke umklomelo wemali engu-R50 000 kulabo abangaba nolwazi olungasiza ukuba kutholakale ingane yentombazane eneminyaka engu-7 ubudala. ULathitha Mtolo wasendaweni yaseMarikana, eKokstad, ugcine ukubonakala ngomhlaka 26 February 2026 enabangani bakhe. Kuze kube imanje akaziwa ukuthi ukuphi.

 Amaphoyisa abophe umlisa oneminyaka engu-33 ubudala osolakala ukuthi nguyena othumbe uLathitha. Kuvela ukuthi lo mlisa wabanjwa ngamalungu omphakathi asola ukuthi nguyena owathatha uLathitha wamyisa komunye umuntu wesilisa. Nokho, abomthetho bagcine bengakwazanga ukumvulela idokhethi lecala ngenxa yokungabi nabo ubufakazi obuphathekayo.

Okhulumela amaphoyisa eKZN uColonel Robert Netshiunda ucela noma ubani ongaba nolwazi olungasiza ukuba kutholakale uLathitha, ukuba axhumane nomphenyi wecala, uConstable Jaca, kunombolo yocingo ethi 071 769 7670 noma bashayele abe-Crime Stop ku-08600 10111.